1. Ngubani lona ovela kwa-Edomienezingubo ezibomvu zakwaBosira,lona ohlobile ngezambatho zakheehamba ngobukhulu bamandla akhe, na?“Yimi engikhuluma ngokulunganenginamandla okusindisa.”
2. Kungani ukuba izambatho zakho zibomvu,nezingubo zakho zinjengezonyathelaesikhamweni sewayini, na?
3. “Isikhamo sewayini ngisinyathele ngingedwa;kwakungekho nami noyedwa kubantu;ngabanyathela ngentukuthelo yami,ngabaciphiza ngokufutheka kwami,negazi labo lasaphazeka ezingutsheni zami,ngazingcolisa zonke izambatho zami.
4. Ngokuba usuku lokuphindisela lwalusenhliziyweni yami;umnyaka wokuhlenga kwami usufikile.
5. Ngabheka, kepha kwakungekho osizayo;ngamangala, kepha kwakungekho osekelayo;yayisingisindisa ingalo yami,nokufutheka kwami kwangisekela.