U-Isaya 63:1-10 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Ngubani lona ovela kwa-Edomienezingubo ezibomvu zakwaBosira,lona ohlobile ngezambatho zakheehamba ngobukhulu bamandla akhe, na?“Yimi engikhuluma ngokulunganenginamandla okusindisa.”

2. Kungani ukuba izambatho zakho zibomvu,nezingubo zakho zinjengezonyathelaesikhamweni sewayini, na?

3. “Isikhamo sewayini ngisinyathele ngingedwa;kwakungekho nami noyedwa kubantu;ngabanyathela ngentukuthelo yami,ngabaciphiza ngokufutheka kwami,negazi labo lasaphazeka ezingutsheni zami,ngazingcolisa zonke izambatho zami.

4. Ngokuba usuku lokuphindisela lwalusenhliziyweni yami;umnyaka wokuhlenga kwami usufikile.

5. Ngabheka, kepha kwakungekho osizayo;ngamangala, kepha kwakungekho osekelayo;yayisingisindisa ingalo yami,nokufutheka kwami kwangisekela.

6. Ngase nginyathela abantu ngentukuthelo yami,ngabachoboza ngokufutheka kwami,ngathululela phansi igazi labo.”

7. Ngiyakubonga umusa kaJehova,ngimdumise uJehovangakho konke uJehova asenzele khona,nokuhle okuningi phezu kwendlu ka-Israyeliayisebenzele khona ngobubele bakhenangobuningi bomusa wakhe.

8. Wathi: “Nempela bangabantu bami,abantwana abangakhohlisi,”waba ngumsindisi wabo.

9. Ezinhluphekweni zabo zonke wahlupheka naye,ingelosi yobuso bakhe yabasindisa;ngothando lwakhe nangokuhawukelakwakhe wabahlenga,wabanqukula,wabathwala zonke izinsuku zakuqala.

10. Kepha bahlubuka,badabukisa uMoya wakhe oNgcwele,waphenduka isitha sabo, walwa nabo.

U-Isaya 63