1. Ngomnyaka wokufa kwenkosi u-Uziya ngabona uJehova ehlezi esihlalweni sakhe sobukhosi esiphezulu nesiphakemeyo, umsila wengubo yakhe ugcwalisa ithempeli.
2. Ngaphezu kwakhe kwakumi amaserafi;* yilelo nalelo lalinamaphiko ayisithupha; ngamabili lamboza ubuso, nangamabili lamboza izinyawo, nangamabili landiza.
3. Elinye lamemeza kwelinye, lathi:“Ungcwele, ungcwele, ungcwele uJehova Sebawoti,wonke umhlaba ugcwele inkazimulo yakhe.”
4. Izinsika zomnyango zathuthumela ngezwi lomemezayo, indlu yagcwala umusi.
5. Ngase ngithi: “Maye kimi! Ngokuba ngiphelile, lokhu ngingumuntu ozindebe zakhe zingcolile, futhi ngihlezi phakathi kwabantu abazindebe zabo zingcolile, ngokuba amehlo ami abonile iNkosi uJehova Sebawoti.”
6. Kepha landizela kimi elinye lamaserafi* liphethe ilahle elivuthayo esandleni salo, elalilithathe ngodlawu e-altare,
7. lathinta umlomo wami, lathi: “Bheka, lokhu kuthintile izindebe zakho; ububi bakho sebususiwe, nezono zakho zihlanguliwe.”
8. Futhi ngezwa izwi leNkosi lithi: “Ngiyakuthuma bani, ngubani oyakusiyela na?”Ngase ngithi: “Bheka, nangu mina; ngithume mina.”
9. Yathi: “Hamba usho kulaba bantu ukuthi:“ ‘Yizwani, yizwani, kepha ningaqondi;bonani, bonani, kepha ningazi.’
10. Yenza inhliziyo yalaba bantu ukuba ikhuluphale,nezindlebe zabo zibe buthuntu,ufiphaze amehlo abo,funa babone ngamehlo abo,bezwe ngezindlebe zabo,baqonde ngenhliziyo yabo,babuye, baphiliswe.”
11. Ngase ngithi: “Nkosi, koze kube nini na?”Yathi:“Kuze kuchithwe imizi,kungabe kusaba khona ohlala kuyo,nezindlu zingabe zisaba namuntu,nomhlaba uchitheke ube yize,
12. uJehova aze adedisele kude abantu,nencithakalo ibe nkulu ezweni.