U-Isaya 59:7-15 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

7. Izinyawo zabo zigijimela ebubini,bashesha ukuchitha igazi elingenacala;imicabango yabo iyimicabango yobubi;incithakalo nokubhujiswa kusezindleleni zabo.

8. Indlela yokuthula abayazi,nokwahlulela akukho emikhondweni yabo;bazenzele izindlela eziyisigwegwe,bonke abahamba ngazo abazi ukuthula.

9. Ngalokho ukwahlulela kukude nathi,nokulunga akusifumani;sihlalela ukukhanya,kepha bheka, ubumnyama;silindela imini,kepha sihamba ekuhlweni.

10. Siphuthaza udonga njengempumputhe,yebo, siphumputha njengabangenamehlo;sikhubeka emini njengasekuhweleleni;phakathi kwabaphilayo sinjengabafileyo.

11. Siyagwavuma sonke njengamabhere,*siyalilisela nokulilisela njengamajuba;silindela ukwahlulela, kepha akukho,nokusindiswa, kepha kukude nathi.

12. Ngokuba iziphambeko zethuzandile phambi kwakho,nezono zethu ziyafakaza ngathi;ngokuba iziphambeko zethu zikithi,nokona kwethu siyakwazi:

13. ukuphambuka nokumphika uJehova,nokumhlubuka uNkulunkulu wethu,nokukhuluma ukucindezela nokwambuka,nokucabanga nokukhuluma amazwi amangaaphuma enhliziyweni.

14. Ukwahlulela kubuyiselwa emuva,nokulunga kumi kude,ngokuba iqiniso liyakhubeka esigcawini,nobuqotho abunakungena.

15. Iqiniso lisilele;osuka ebubini uzenza impango;uJehova wakubona lokho,kwaba kubi emehlweni akheukuthi ukwahlulela akukho.

U-Isaya 59