U-Isaya 59:4-13 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

4. Akakho omemeza ngokulunga,akakho owahlulela ngeqiniso;bethemba kokuyize, bakhuluma amanga;bakhulelwe yingozi, bazala ububi.

5. Bachamisela amaqanda ebululu,baluka ubulembu bolwembu;odlayo amaqanda abo uyafa,okuchotshozwayo kuqhamuka kuyibululu.

6. Ubulembu babo abuyikuba yizingubo,futhi abanakuzimboza ngemisebenzi yabo;isenzo sendluzula sisezandleni zabo.

7. Izinyawo zabo zigijimela ebubini,bashesha ukuchitha igazi elingenacala;imicabango yabo iyimicabango yobubi;incithakalo nokubhujiswa kusezindleleni zabo.

8. Indlela yokuthula abayazi,nokwahlulela akukho emikhondweni yabo;bazenzele izindlela eziyisigwegwe,bonke abahamba ngazo abazi ukuthula.

9. Ngalokho ukwahlulela kukude nathi,nokulunga akusifumani;sihlalela ukukhanya,kepha bheka, ubumnyama;silindela imini,kepha sihamba ekuhlweni.

10. Siphuthaza udonga njengempumputhe,yebo, siphumputha njengabangenamehlo;sikhubeka emini njengasekuhweleleni;phakathi kwabaphilayo sinjengabafileyo.

11. Siyagwavuma sonke njengamabhere,*siyalilisela nokulilisela njengamajuba;silindela ukwahlulela, kepha akukho,nokusindiswa, kepha kukude nathi.

12. Ngokuba iziphambeko zethuzandile phambi kwakho,nezono zethu ziyafakaza ngathi;ngokuba iziphambeko zethu zikithi,nokona kwethu siyakwazi:

13. ukuphambuka nokumphika uJehova,nokumhlubuka uNkulunkulu wethu,nokukhuluma ukucindezela nokwambuka,nokucabanga nokukhuluma amazwi amangaaphuma enhliziyweni.

U-Isaya 59