1. Bheka, isandla sikaJehova asifinyeziweukuba singasindisi,nendlebe yakhe ayinzimaukuba ingezwa.
2. Kepha ububi benubunahlukanisile noNkulunkulu,nezono zenu zibusithile ubuso bakhe kiniukuba angezwa.
3. Ngokuba izandla zenu zingcolile igazi,neminwe yenu ububi;izindebe zenu zomlomo zikhuluma amanga,nezilimi zenu zinyenyeza okubi.
4. Akakho omemeza ngokulunga,akakho owahlulela ngeqiniso;bethemba kokuyize, bakhuluma amanga;bakhulelwe yingozi, bazala ububi.
5. Bachamisela amaqanda ebululu,baluka ubulembu bolwembu;odlayo amaqanda abo uyafa,okuchotshozwayo kuqhamuka kuyibululu.
6. Ubulembu babo abuyikuba yizingubo,futhi abanakuzimboza ngemisebenzi yabo;isenzo sendluzula sisezandleni zabo.
7. Izinyawo zabo zigijimela ebubini,bashesha ukuchitha igazi elingenacala;imicabango yabo iyimicabango yobubi;incithakalo nokubhujiswa kusezindleleni zabo.