1. “Memeza ngezwi elikhulu, ungazibambi,uliphakamise izwi njengecilongo,utshele abantu bami iziphambeko zabo,indlu kaJakobe izono zayo.
2. Nokho bangifuna izinsuku zonke,bathanda ukwazi izindlela zami;njengesizwe esenza ukulunga,singashiyi ukwahlulela kukaNkulunkulu waso,babuza kimi izahlulelo zokulunga,bathanda ukusondela kuNkulunkulu.
3. Bathi: ‘Sizileleni ukudla,ungaboni, na?’‘Sizihlupheleni izinhliziyo zethu,ungakwazi, na?’“Bhekani, ngosuku lokuzila kwenuniyaqhuba umsebenzi,nicindezele zonke izisebenzi zenu.
4. Bhekani, nizilela ukulwa nokuphikisananokushaya ngenqindi yobubi.Anisazili namuhlaukuze nilizwakalise izwi lenu phezulu.
5. Yikhona lokhu kuzila engikukhethileyo yininosuku lokuba umuntu awuhluphe umphefumulo wakhe;ukuthi umuntu ugoba ikhanda lakhe njengomhlanga,endlale indwangu yamasaka nomlotha phansi kwakhe, na?Lokhu kambe ungakubiza ngokuthi ukuzilanosuku olwamukelekayo kuJehova na?