8. Wabeka isithombe sakho emva kwezicabha nezinsika,wazambulela omunye kunami,wakhwela embhedeni, wawandisa,wavumelana nabo,wayithanda imibhede yabo,wazibonelela indawo.
9. Waya kuMoloki uphethe amafutha,wawandisa amakha akho;wathumela kude izithunywazakho, wazehlisela nasendaweni yabafileyo.
10. Wakhathala ngobude bendlela,kepha awushongo ukuthi: ‘Kuyize.’Wathola amandla aneleyo,ngalokho awuphelanga amandla.
11. “Washaywa luvalo ngobani, wamesaba,waze waqamba amanga,awangikhumbula,futhi ungakubekanga enhliziyweni yakho, na?Angithi njengokuba ngithulile kwasendulo,awungesabi, na?
12. Mina ngiyakumemezela ukulungakwakho nemisebenzi yakho;kepha akuyikukusiza.
13. Ekukhaleni kwakho izixuku zezithombe zakho mazikophule,kepha umoya uzakuzisusa zonke,ukuphefumula kuzithathe;kodwa othemba kimi uzakudla ifa lezwe,adle nefa lentaba yami engcwele.”
14. Kuyakuthiwa:“Hlelani, hlelani, nilungise indlela,nisisuse isikhubekiso endleleni yabantu bami.”