U-Isaya 57:3-16 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

3. “Kepha sondelaninina madodana abahlola imihlola,inzalo yomphingi neyesifebe.

4. Nidlala nobani,nikhamisela bani umlomo,ninyalizela bani, na?Anisibo abantwana beziphambeko,inzalo yamanga yini,

5. nina enisha phakathi kwama-oki*phansi kwayo yonke imithi eluhlaza,enibulala abantwana ezigodiniphansi emifantwini yamadwala, na?

6. Isabelo sakho siphakathi kwamatshe abushelezi asesigodini;wona yiwo angawenkatho yakho;nakuwona uthululele umnikelo wokuphuzwa,wenza umnikelo wempuphu.Ngiyakwaneliswa ngalokhu na?

7. Entabeni ende nephakemeyouwubekile umbhede wakho;futhi wakhuphukela khonaukunikela ngomhlatshelo.

8. Wabeka isithombe sakho emva kwezicabha nezinsika,wazambulela omunye kunami,wakhwela embhedeni, wawandisa,wavumelana nabo,wayithanda imibhede yabo,wazibonelela indawo.

9. Waya kuMoloki uphethe amafutha,wawandisa amakha akho;wathumela kude izithunywazakho, wazehlisela nasendaweni yabafileyo.

10. Wakhathala ngobude bendlela,kepha awushongo ukuthi: ‘Kuyize.’Wathola amandla aneleyo,ngalokho awuphelanga amandla.

11. “Washaywa luvalo ngobani, wamesaba,waze waqamba amanga,awangikhumbula,futhi ungakubekanga enhliziyweni yakho, na?Angithi njengokuba ngithulile kwasendulo,awungesabi, na?

12. Mina ngiyakumemezela ukulungakwakho nemisebenzi yakho;kepha akuyikukusiza.

13. Ekukhaleni kwakho izixuku zezithombe zakho mazikophule,kepha umoya uzakuzisusa zonke,ukuphefumula kuzithathe;kodwa othemba kimi uzakudla ifa lezwe,adle nefa lentaba yami engcwele.”

14. Kuyakuthiwa:“Hlelani, hlelani, nilungise indlela,nisisuse isikhubekiso endleleni yabantu bami.”

15. Ngokuba usho kanje ophakamileyo nophezulu,ohlala kuze kube phakade,ogama lakhe lingoNgcwele, uthi:“Ngihlala endaweni ephakemeyo nengcwele,kepha nakuye onomoya ochotshoziweyo nothobekileyo,ukuvuselela umoya wabathobekileyonokuphilisa izinhliziyo zabachotshoziweyo.

16. Ngokuba angiyikulwa kuze kube phakade,angiyikuthukuthela njalonjalo,ngokuba umoya ubuyakuphela phambi kwami,leyo miphefumulo engiyenzileyo.

U-Isaya 57