U-Isaya 57:1-9 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Olungileyo uyabhubha,akakho okubeka enhliziyweni;abantu abanomusa bayasuswa,kungaqondi muntu.Olungileyo uyasuswa ebubini,

2. angene ekuthuleni;abahambe ngobuqotho bayakuphumula emibhedeni yabo.

3. “Kepha sondelaninina madodana abahlola imihlola,inzalo yomphingi neyesifebe.

4. Nidlala nobani,nikhamisela bani umlomo,ninyalizela bani, na?Anisibo abantwana beziphambeko,inzalo yamanga yini,

5. nina enisha phakathi kwama-oki*phansi kwayo yonke imithi eluhlaza,enibulala abantwana ezigodiniphansi emifantwini yamadwala, na?

6. Isabelo sakho siphakathi kwamatshe abushelezi asesigodini;wona yiwo angawenkatho yakho;nakuwona uthululele umnikelo wokuphuzwa,wenza umnikelo wempuphu.Ngiyakwaneliswa ngalokhu na?

7. Entabeni ende nephakemeyouwubekile umbhede wakho;futhi wakhuphukela khonaukunikela ngomhlatshelo.

8. Wabeka isithombe sakho emva kwezicabha nezinsika,wazambulela omunye kunami,wakhwela embhedeni, wawandisa,wavumelana nabo,wayithanda imibhede yabo,wazibonelela indawo.

9. Waya kuMoloki uphethe amafutha,wawandisa amakha akho;wathumela kude izithunywazakho, wazehlisela nasendaweni yabafileyo.

U-Isaya 57