2. Ubusisiwe umuntu owenza lokhu,nendodana yomuntu ebambelela kukho,ogcina isabatha engaloni,osibamba isandla sakheukuba singenzi nakuphi okubi.”
3. Indodana yowezizwe ezihlanganise noJehovamayingasho ukuthi:“Impela uJehova uyakungahlukanisanabantu bakhe,”nomthenwa angathi:“Bheka, ngingumuthi owomileyo.”
4. Ngokuba usho kanje uJehova ngabathenwa, uthi:“Abagcina amasabatha ami,nabakhetha engikuthandayo,nababambelela esivumelwaneni sami
5. bona ngiyakubanika endlini yaminaphakathi kwezingange zamiisikhumbuzo negama elihlekunamadodana namadodakazi;ngiyakubanika igama eliphakade,elingayikunqunywa.
6. Nabezizwe abazihlanganisa noJehovaukumkhonza uJehova nokulithanda igama likaJehovaukuba babe yizinceku zakhebonke abaligcina isabatha, bangaloni,nababambelela esivumelwaneni sami,
7. yebo, nabo ngiyakubayisaentabeni yami engcwele,ngibathokozise endlini yami yokukhuleka;iminikelo yabo yokushiswa nemihlatshelo yaboiyakwamukeleka e-altare lami,ngokuba indlu yami iyakubizwa ngokuthiindlu yokukhuleka phakathi kwabantu bonke.”
8. INkosi uJehovaebutha abaxoshiweyo bakwa-Israyeli ithi:“Ngisezakubuthela kuye nabanyengaphandle kwabase bebuthiwe.”
9. Nonke nina zilwane zasendle,wozani nidle,nonke nina zilwane zasehlathini.