U-Isaya 56:1-5 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Usho kanje uJehova, uthi:“Gcinani ukwahlulela,nenze ukulunga,ngokuba insindiso yami iseduze ukuba ifike,nokulunga kwami ukuba kwambulwe.

2. Ubusisiwe umuntu owenza lokhu,nendodana yomuntu ebambelela kukho,ogcina isabatha engaloni,osibamba isandla sakheukuba singenzi nakuphi okubi.”

3. Indodana yowezizwe ezihlanganise noJehovamayingasho ukuthi:“Impela uJehova uyakungahlukanisanabantu bakhe,”nomthenwa angathi:“Bheka, ngingumuthi owomileyo.”

4. Ngokuba usho kanje uJehova ngabathenwa, uthi:“Abagcina amasabatha ami,nabakhetha engikuthandayo,nababambelela esivumelwaneni sami

5. bona ngiyakubanika endlini yaminaphakathi kwezingange zamiisikhumbuzo negama elihlekunamadodana namadodakazi;ngiyakubanika igama eliphakade,elingayikunqunywa.

U-Isaya 56