U-Isaya 56:1-12 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Usho kanje uJehova, uthi:“Gcinani ukwahlulela,nenze ukulunga,ngokuba insindiso yami iseduze ukuba ifike,nokulunga kwami ukuba kwambulwe.

2. Ubusisiwe umuntu owenza lokhu,nendodana yomuntu ebambelela kukho,ogcina isabatha engaloni,osibamba isandla sakheukuba singenzi nakuphi okubi.”

3. Indodana yowezizwe ezihlanganise noJehovamayingasho ukuthi:“Impela uJehova uyakungahlukanisanabantu bakhe,”nomthenwa angathi:“Bheka, ngingumuthi owomileyo.”

4. Ngokuba usho kanje uJehova ngabathenwa, uthi:“Abagcina amasabatha ami,nabakhetha engikuthandayo,nababambelela esivumelwaneni sami

5. bona ngiyakubanika endlini yaminaphakathi kwezingange zamiisikhumbuzo negama elihlekunamadodana namadodakazi;ngiyakubanika igama eliphakade,elingayikunqunywa.

6. Nabezizwe abazihlanganisa noJehovaukumkhonza uJehova nokulithanda igama likaJehovaukuba babe yizinceku zakhebonke abaligcina isabatha, bangaloni,nababambelela esivumelwaneni sami,

7. yebo, nabo ngiyakubayisaentabeni yami engcwele,ngibathokozise endlini yami yokukhuleka;iminikelo yabo yokushiswa nemihlatshelo yaboiyakwamukeleka e-altare lami,ngokuba indlu yami iyakubizwa ngokuthiindlu yokukhuleka phakathi kwabantu bonke.”

8. INkosi uJehovaebutha abaxoshiweyo bakwa-Israyeli ithi:“Ngisezakubuthela kuye nabanyengaphandle kwabase bebuthiwe.”

9. Nonke nina zilwane zasendle,wozani nidle,nonke nina zilwane zasehlathini.

10. Bonke abalindi bayizimpumputhe,abanakwazi;bonke bayizinja eziyizimungulu,abakwazi ukukhonkotha,balala bephupha,bathanda ukozela.

11. Yebo, bayizinja ezihahayo,abakwazi ukusutha;yebo, laba bangabelusi abangenakuqonda,baphendukela bonke ezindleleni zabo,kube yilowo nalowo enzuzweni yakhe,bonke kanyekanye.

12. Wozani, ngiyakuletha iwayini,sizakuzigcwalisa ngophuzo olunamandla;nengomuso liyakuba njenganamuhla,libe likhulu kakhulu.

U-Isaya 56