9. “Ngokuba lokhu kunjengezinsuku zikaNowa kimi,ngokuba njengalokho ngafungaukuthi amanzi kaNowa awayikube esadlula emhlabeni,kanjalo sengifungile ukuthi angisayikukuthukuthelela,ngikusole.
10. Yebo, izintaba zingamuka, namagquma angasuswa,kepha umusa wami awuyikumuka kuwe,nesivumelwano sami sokuthula asiyikususwa,”usho uJehova okuhawukelayo.
11. “Wena ohluphekayo,ohlukunyeziwe ungaduduzwanga,bheka, ngiyakufaka amatshe akho abe mahle,ngizibeke izisekelo zakho ngamasafire.*
12. Ngiyakwenza imibhoshongo yakho ngamarubi,*namasango akho ngekristalo,*nayo yonke imikhawulo yakho ngamatshe amahle.
13. Bonke abantwana bakhobayakuba ngabafundi bakaJehova,nokuthula kwabantwana bakho kuyakuba kukhulu.
14. Uyakumiswa ngokulunga;uyakuba kude nokucindezelwa,ngokuba awuyikwesaba,nanovalo, ngokuba aluyikusondela kuwe.
15. Bheka, uma bebuthana,kungaphandle kwami,noma ngubani obuthanela wena,uyakuwa ngenxa yakho.
16. “Bheka, mina ngidalile umkhandiofutha umlilo wamalahle,azikhiphele isikhali somsebenzi wakhe;mina ngidalile futhi umchithi wokuba abhubhise.
17. Asikho isikhali esenzelwa wena esiyakuphumelela,nalo lonke ulimi olukuvukelayo luyakwahlulelwa;lokhu kuyifa lezinceku zikaJehovanokulunga kwazo okuvela kimi, usho uJehova.