U-Isaya 54:10-17 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

10. Yebo, izintaba zingamuka, namagquma angasuswa,kepha umusa wami awuyikumuka kuwe,nesivumelwano sami sokuthula asiyikususwa,”usho uJehova okuhawukelayo.

11. “Wena ohluphekayo,ohlukunyeziwe ungaduduzwanga,bheka, ngiyakufaka amatshe akho abe mahle,ngizibeke izisekelo zakho ngamasafire.*

12. Ngiyakwenza imibhoshongo yakho ngamarubi,*namasango akho ngekristalo,*nayo yonke imikhawulo yakho ngamatshe amahle.

13. Bonke abantwana bakhobayakuba ngabafundi bakaJehova,nokuthula kwabantwana bakho kuyakuba kukhulu.

14. Uyakumiswa ngokulunga;uyakuba kude nokucindezelwa,ngokuba awuyikwesaba,nanovalo, ngokuba aluyikusondela kuwe.

15. Bheka, uma bebuthana,kungaphandle kwami,noma ngubani obuthanela wena,uyakuwa ngenxa yakho.

16. “Bheka, mina ngidalile umkhandiofutha umlilo wamalahle,azikhiphele isikhali somsebenzi wakhe;mina ngidalile futhi umchithi wokuba abhubhise.

17. Asikho isikhali esenzelwa wena esiyakuphumelela,nalo lonke ulimi olukuvukelayo luyakwahlulelwa;lokhu kuyifa lezinceku zikaJehovanokulunga kwazo okuvela kimi, usho uJehova.

U-Isaya 54