U-Isaya 53:5-11 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

5. Yebo, yalinyazwa ngenxa yeziphambeko zethu,yachotshozwa ngobubi bethu;isijeziso sasiphezu kwayo ukuba sibe nokuthula,nangemivimbo yayo siphilisiwe thina.

6. Thina sonke sidukile njengezimvu;yilowo nalowo uphendukele endleleni yakhe;uJehova wehlisela phezu kwayo ububi bethu sonke.

7. Yacindezelwa, kepha noma yathotshiswa,ayivulanga umlomo wayo;njengewundlu eliyiswa ekuhlatshweni,nanjengemvu ethule phambi kwabagundi bayo,ayiwuvulanga umlomo wayo.

8. Yasuswa ekucindezelweni nasekwahlulelweni;ngubani esizukulwaneni sayo owacabangaukuthi yahlwithwa ezweni labaphilayo,ishaywa ngesiphambeko sabantu bami, na?

9. Babeka ithuna layo kanye nababi;ekufeni yayinabenza okubi,noma ingenzanga indluzula,kungekho nankohliso emlonyeni wayo.

10. Nokho uJehova wathanda ukuyishaya ngezifo;lapho wenza umphefumulo wayo ube ngumnikelo wecala,iyakubona inzalo yayo, yenze izinsuku zayo zibe ziningi,nentando kaJehova iyakuphumelela esandleni sayo.

11. Ngokuhlupheka komphefumulo wayoiyakukubona, yaneliswe.Ngokwazi kwayo inceku yami, elungileyo,iyakulungisisa abaningi,ithwale izono zabo.

U-Isaya 53