U-Isaya 52:1-5 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Vuka, vuka,wembathe amandla akho, Siyoni,uzigqoke izingubo zakho ezinhle,Jerusalema, muzi ongcwele,ngokuba akusayikungena kuweongasokile nongcolileyo.

2. Zithintithe uthuli,usukume, uhlale, Jerusalema elithunjiweyo;zikhulule eziboshweni zentamo yakhowena ndodakazi yaseSiyoni ethunjiweyo.

3. Ngokuba usho kanje uJehova, uthi:“Nathengiswa ngento engelutho;niyakuhlengwa ngaphandle kwemali.”

4. Ngokuba isho kanje iNkosi uJehova, ithi:Abantu bami behlela kuqala eGibitheukuba bagogobale khona;i-Asiriya lamcindezela ngaphandle kwesizathu.

5. “Manje nginantoni lapha,” usho uJehova,“lapho abantu bami besusiwe ngeze na?Ababusa phezu kwabo bayaklabalasa,” usho uJehova,“negama lami liyahlanjalazwa njalo usuku lonke.

U-Isaya 52