4. “Ngizweni, bantu bami,ningibekele indlebe nina sizwe sami,ngokuba kuyakuphuma kimi umthetho,ngibeke ukwahlulela kwami kube ngukukhanya kwabantu.
5. Ukulunga kwami kuseduze,insindiso yami iphumile,izingalo zami ziyakubahlulela abantu;iziqhingi ziyangihlalela,zilindela umkhono wami.
6. Phakamiselani amehlo enu ezulwini,niwubheke umhlaba phansi,ngokuba izulu liyakunyamalala njengomusi,umhlaba uguge njengengubo,nabakhileyo kuwo bafe njengezinsensane,kepha insindiso yami iyakumakuze kube phakade,nokulunga kwami akuyikuphela.
7. “Ngilaleleni nina enazi ukulunga,abantu abamthetho wami usezinhliziyweni zabo;ningesabi ukusolwa ngabantu,ningapheli amandla ngezithuko zabo.
8. Ngokuba inundu iyakubadla njengengubo,nebhu libadle njengoboya bezimvu,kodwa ukulunga kwami kuyakuma kuze kube phakade,nensindiso yami ezizukulwaneni ngezizukulwane.”