U-Isaya 51:2-13 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

2. Bhekani ku-Abrahama uyihlo,nakuSara owanizalayo,ngokuba eseyedwa ngambiza,ngambusisa, ngamandisa.

3. Ngokuba uJehova uyakuliduduza iSiyoni,aziduduze zonke izindawo zalo ezichithekileyo,enze ihlane lalo libe njenge-Edene,noqwathule lwalo lube njengensimu kaJehova;injabulo nentokozo kuyakufunyanwa khona,ukubonga nezwi lokuhlabelela.

4. “Ngizweni, bantu bami,ningibekele indlebe nina sizwe sami,ngokuba kuyakuphuma kimi umthetho,ngibeke ukwahlulela kwami kube ngukukhanya kwabantu.

5. Ukulunga kwami kuseduze,insindiso yami iphumile,izingalo zami ziyakubahlulela abantu;iziqhingi ziyangihlalela,zilindela umkhono wami.

6. Phakamiselani amehlo enu ezulwini,niwubheke umhlaba phansi,ngokuba izulu liyakunyamalala njengomusi,umhlaba uguge njengengubo,nabakhileyo kuwo bafe njengezinsensane,kepha insindiso yami iyakumakuze kube phakade,nokulunga kwami akuyikuphela.

7. “Ngilaleleni nina enazi ukulunga,abantu abamthetho wami usezinhliziyweni zabo;ningesabi ukusolwa ngabantu,ningapheli amandla ngezithuko zabo.

8. Ngokuba inundu iyakubadla njengengubo,nebhu libadle njengoboya bezimvu,kodwa ukulunga kwami kuyakuma kuze kube phakade,nensindiso yami ezizukulwaneni ngezizukulwane.”

9. Vuka, vuka,wembathe amandla wena mkhono kaJehova,vuka njengasezinsukwini zasendulo,ezizukulwaneni zamandulo.Akusuwe owamnquma kabili uRahabi,wamgwaza udrako,* na?

10. Akusuwe owomisa ulwandle,amanzi asotweni olujulileyo,owenza izinzulu zolwandle zaba yindlelayokuba kuwele abahlengiweyo, na?

11. Abahlawulelweyo bakaJehova bayakubuya,bafike eSiyoni bejabula;intokozo engapheliyo iyakuba semakhanda abo,bathole injabulo nentokozo,usizi nokububula kubaleke.

12. “Yimina, yimi enginguye oniduduzayo;ungubani wena ukuba wesabe umuntu ofayo,nendodana yomuntu eyakwenziwa ibe njengotshani, na?

13. Ukhohliwe uJehova uMenzi wakhoowaleneka izulu nowasibeka isisekelo somhlaba;uthuthumele njalo izinsuku zonkengokufutheka komcindezelinjengokungathi ozilungiselela ukuchitha;kuphi ukufutheka komcindezeli na?

U-Isaya 51