U-Isaya 51:15-22 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

15. NginguJehova uNkulunkulu wakhoovusa ulwandle, ukuze amaza alo ahlokome;nguJehova Sebawoti igama lakhe.

16. Ngiwabekile amazwi ami emlonyeni wakho,ngikusibekele emthunzini wesandla sami,ukuze ngiwatshale amazulu,ngisibeke isisekelo somhlaba,ngithi kulo iSiyoni:‘Wena uyisizwe sami.’ ”

17. Vuka, vuka,usukume wena Jerusalemaophuzile esandleni sikaJehovaindebe yokufutheka kwakhe;uphuzile isitsha sendebe yokutengezela,wasiminya.

18. Akakho ongalihola phakathi kwawoonke amadodana eliwazalileyo.Akakho ongalibamba ngesandlakuwo onke amadodana eliwakhulisileyo.

19. Lokhu kokubili kukwehlele;ngubani okukhalelayo na?Lapho kukhona incithakalo nokubhujiswa,ukulamba nenkemba,ngubani ongakududuza na?

20. Amadodana akho adangele,alala ezihlokweni zezitaladi zonke,njengewula esihibeni;agcwele ukufutheka kukaJehovanokukhuza kukaNkulunkulu wakho.

21. Ngalokho ake uzwe lokhu wena ohluphekayonodakiweyo, kungengewayini kodwa;

22. isho kanje iNkosi yakhouJehova noNkulunkulu wakhoemela indaba yabantu, ithi:“Bheka, ngiyithathile esandleni sakhoindebe yokutengezela;yebo, isitsha sendebe yokufutheka kwamiawusayikusiphuza.

U-Isaya 51