1. “Ngilaleleni nina enilandela ukulunga,nina enimfunayo uJehova;bhekani kulo idwala eniqhezulwe kulo,nakuyo imibhobo yomgodi enakhishwa kuyo.
2. Bhekani ku-Abrahama uyihlo,nakuSara owanizalayo,ngokuba eseyedwa ngambiza,ngambusisa, ngamandisa.
3. Ngokuba uJehova uyakuliduduza iSiyoni,aziduduze zonke izindawo zalo ezichithekileyo,enze ihlane lalo libe njenge-Edene,noqwathule lwalo lube njengensimu kaJehova;injabulo nentokozo kuyakufunyanwa khona,ukubonga nezwi lokuhlabelela.
4. “Ngizweni, bantu bami,ningibekele indlebe nina sizwe sami,ngokuba kuyakuphuma kimi umthetho,ngibeke ukwahlulela kwami kube ngukukhanya kwabantu.
5. Ukulunga kwami kuseduze,insindiso yami iphumile,izingalo zami ziyakubahlulela abantu;iziqhingi ziyangihlalela,zilindela umkhono wami.
6. Phakamiselani amehlo enu ezulwini,niwubheke umhlaba phansi,ngokuba izulu liyakunyamalala njengomusi,umhlaba uguge njengengubo,nabakhileyo kuwo bafe njengezinsensane,kepha insindiso yami iyakumakuze kube phakade,nokulunga kwami akuyikuphela.