U-Isaya 49:7-15 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

7. Usho kanje uJehova,uMhlengi ka-Israyeli noNgcwele wakhe,kodelelwa nokudelelwa noyisinengiso esizweni,koyinceku yababusi, uthi:“Amakhosi ayakubona, asukume,izikhulu zibone, zikhothamengenxa kaJehova othembekile,oNgcwele ka-Israyeli okukhethileyo.”

8. Usho kanje uJehova, uthi:“Ngiyakuphendula ngesikhathi somusa,ngosuku lokusindiswa ngiyakusiza;ngiyakukulondoloza, ngikubekeube yisivumelwano sabantusokubuyisa izwenokubenza badle amafa achithekileyo,

9. uthi kwababoshiweyo: ‘Phumani,’nakwabasebumnyameni: ‘Velani.’“Bayakuklaba ngasezindleleni,amadlelo abo abe semagqumeni onke.

10. Abayikulamba, abayikoma,abayikushaywa yisifudumezi nelanga,ngokuba yena onomusa kubo uyakubahola,abayise emithonjeni yamanzi.

11. Ngiyakuzenza zonke izintaba zami zibe yizindlela,imendo yami iphakame.

12. Bheka, laba bayakuvela kude;bheka, laba bayakuvela enyakatho nasentshonalanga,nalaba ezweni laseSinimi.”

13. Jabulani nina mazulu,uthokoze nawe mhlaba,niqhumuke ngokuhlabelela nina zintaba,ngokuba uJehova ududuza abantu bakhe,abe nomusa kwabahluphekileyo bakhe.

14. Kepha iSiyoni lithi:“UJehova ungishiyile,iNkosi ingikhohliwe.”

15. “Owesifazane angakhohlwa umntwana wakhe oncelayoukuba angabi namusa kuyo indodana yesizalo sakhe na?Yebo, bona bangakhohlwa,kodwa mina anginakukukhohlwa wena.

U-Isaya 49