U-Isaya 49:1-6 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Ngilaleleni nina ziqhingi,niqaphele nina bantu abakude;uJehova ungibizile kwasekuzalweni,waqamba igama lami kwasezibilinini zikamame.

2. Wawenza umlomo wami njengenkemba ebukhali,wangithukusa ethunzini lesandla sakhe,wangenza umcibisholo ophucuziweyo,wangithukusa esambweni sakhe.

3. Wathi kimi: “Uyinceku yami,u-Israyeli, engiyakuzidumisa kuye.”

4. Kepha ngase ngithi mina:“Ngikhandlekele ize,amandla ami ngiwachithele okuyizenokungelutho;nokho ilungelo lami likuJehova,nomvuzo wami ukuNkulunkulu wami.”

5. Manje uthi uJehovaowangibumba kwasekuzalweni ukubangibe yinceku yakheyokubuyisela kuye uJakobe,kubuthelwe kuye no-Israyeli futhingidunyisiwe emehlweni kaJehova,uNkulunkulu wami waba ngamandla ami

6. yebo, uthi:“Kuyinto elula ukuba ube yinceku yamiukuvusa izizwe zakwaJakobe,nokubuyisa abaseleyo bakwa-Israyeli;ngalokho ngiyakukubeka ube ngukukhanya kwabezizwe,ube yinsindiso yami kuze kube semkhawulweni womhlaba.”

U-Isaya 49