U-Isaya 48:7-12 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

7. Kudaliwe manje, kungesendulo;awukuzwanga ngaphambi kwalolu suku,funa uthi: ‘Bheka, bengikwazi.’

8. Yebo, awuzwanga, awazanga,kwasendulo indlebe yakho ayivulwanga,ngokuba bengazi ukuthi wawukhohlisa nokukhohlisa,wabizwa ngokuthi umhlubuki kwasekuzalweni.

9. Ngenxa yegama lamingiyakulibazisa intukuthelo yami,ngizibambele wena ngodumo lwamiukuba ngingakunqumi.

10. Bheka, ngikucwengisisile,kungavelanga isiliva kodwa;ngikuvivinyile esithandweni sezinhlupheko.

11. Ngenxa yami, ngenxa yami ngiyakwenza,ngokuba igama lami lingcoliselwani na?Anginiki omunye inkazimulo yami.

12. “Ngilalele, Jakobe,wena Israyeli, obiziweyo wami;ngisenguye, ngingowokuqala,futhi ngingowokugcina.

U-Isaya 48