U-Isaya 48:4-22 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

4. Ngokuba bengazi ukuthi unenkani,nentamo yakho ingumsipha wensimbi,nebunzi lakho liyithusi,

5. ngazimemezela kwasendulo,ngazizwisa kungakenzeki,funa usho uthi: ‘Isithombe sami sizenzile,isithombe sami esibaziweyo,nesithombe sami esibunjiweyo siziyalezile.’

6. Wawukuzwile konke lokho; wakubona;awuyikukumemezela na?“Ngikuzwisile okusha kusukela namuhla,yebo, nokusithekileyo ongakwazanga.

7. Kudaliwe manje, kungesendulo;awukuzwanga ngaphambi kwalolu suku,funa uthi: ‘Bheka, bengikwazi.’

8. Yebo, awuzwanga, awazanga,kwasendulo indlebe yakho ayivulwanga,ngokuba bengazi ukuthi wawukhohlisa nokukhohlisa,wabizwa ngokuthi umhlubuki kwasekuzalweni.

9. Ngenxa yegama lamingiyakulibazisa intukuthelo yami,ngizibambele wena ngodumo lwamiukuba ngingakunqumi.

10. Bheka, ngikucwengisisile,kungavelanga isiliva kodwa;ngikuvivinyile esithandweni sezinhlupheko.

11. Ngenxa yami, ngenxa yami ngiyakwenza,ngokuba igama lami lingcoliselwani na?Anginiki omunye inkazimulo yami.

12. “Ngilalele, Jakobe,wena Israyeli, obiziweyo wami;ngisenguye, ngingowokuqala,futhi ngingowokugcina.

13. Yebo, isandla sami sisibekile isisekelo somhlaba,nesokunene sami silenekile izulu;lapho ngikubizayo,kuma ndawonye.

14. “Buthanani nina nonke, nizwe;ngubani phakathi kwabo omemezela lezi zinto na?Amthandayo uJehova uyakuyifeza intando yakhe ngeBabele,nengalo yakhe iyakuba phezu kwamaKaledi.

15. Mina, mina ngikhulumile,yebo, ngimbizile,ngimlethile, uyakuphumelela endleleni yakhe.

16. “Sondelani kimi, nizwe lokhu;angikhulumanga ekusithekeni kwasekuqaleni;kusukela esikhathini sokuba kwenzeke, ngangikhona.”Manje uJehova uNkulunkulu ungithumile kanye noMoya wakhe.

17. Usho kanje uJehova uMhlengi wakho,oNgcwele ka-Israyeli, uthi:“NginguJehova uNkulunkulu wakhookufundisile okukusizayo,okuholile ngendlela omelwe ukuhamba ngayo.

18. Sengathi nga ulalele imiyalo yami!Khona ukuthula kwakho kwakuyakuba njengomfula,nokulunga kwakho njengamaza olwandle;

19. nenzalo yakho yayiyakuba ngangesihlabathi,nabantwana bezibilini zakho njengezinhlamvu zaso;igama lakhe nga linganqunywanga,lachithwa ngaphambi kwami.”

20. Phumani eBabele,nibalekele amaKaledi,nimemezele lokhu ngezwi lokujabula,nikuzwakalise lokhu,nikuphumisele nasemikhawulweni yomhlaba, ngokuthi:“UJehova uhlengile inceku yakhe uJakobe.”

21. Kabomanga lapho ebahola emahlane,wenza ukuba amanzi abagobhozele edwaleni;futhi waliqhekeza idwala,amanzi ampompoza.

22. “Akukho ukuthula kwababi,” usho uJehova.

U-Isaya 48