18. Sengathi nga ulalele imiyalo yami!Khona ukuthula kwakho kwakuyakuba njengomfula,nokulunga kwakho njengamaza olwandle;
19. nenzalo yakho yayiyakuba ngangesihlabathi,nabantwana bezibilini zakho njengezinhlamvu zaso;igama lakhe nga linganqunywanga,lachithwa ngaphambi kwami.”
20. Phumani eBabele,nibalekele amaKaledi,nimemezele lokhu ngezwi lokujabula,nikuzwakalise lokhu,nikuphumisele nasemikhawulweni yomhlaba, ngokuthi:“UJehova uhlengile inceku yakhe uJakobe.”
21. Kabomanga lapho ebahola emahlane,wenza ukuba amanzi abagobhozele edwaleni;futhi waliqhekeza idwala,amanzi ampompoza.
22. “Akukho ukuthula kwababi,” usho uJehova.