11. Ngenxa yami, ngenxa yami ngiyakwenza,ngokuba igama lami lingcoliselwani na?Anginiki omunye inkazimulo yami.
12. “Ngilalele, Jakobe,wena Israyeli, obiziweyo wami;ngisenguye, ngingowokuqala,futhi ngingowokugcina.
13. Yebo, isandla sami sisibekile isisekelo somhlaba,nesokunene sami silenekile izulu;lapho ngikubizayo,kuma ndawonye.
14. “Buthanani nina nonke, nizwe;ngubani phakathi kwabo omemezela lezi zinto na?Amthandayo uJehova uyakuyifeza intando yakhe ngeBabele,nengalo yakhe iyakuba phezu kwamaKaledi.
15. Mina, mina ngikhulumile,yebo, ngimbizile,ngimlethile, uyakuphumelela endleleni yakhe.
16. “Sondelani kimi, nizwe lokhu;angikhulumanga ekusithekeni kwasekuqaleni;kusukela esikhathini sokuba kwenzeke, ngangikhona.”Manje uJehova uNkulunkulu ungithumile kanye noMoya wakhe.
17. Usho kanje uJehova uMhlengi wakho,oNgcwele ka-Israyeli, uthi:“NginguJehova uNkulunkulu wakhookufundisile okukusizayo,okuholile ngendlela omelwe ukuhamba ngayo.
18. Sengathi nga ulalele imiyalo yami!Khona ukuthula kwakho kwakuyakuba njengomfula,nokulunga kwakho njengamaza olwandle;
19. nenzalo yakho yayiyakuba ngangesihlabathi,nabantwana bezibilini zakho njengezinhlamvu zaso;igama lakhe nga linganqunywanga,lachithwa ngaphambi kwami.”
20. Phumani eBabele,nibalekele amaKaledi,nimemezele lokhu ngezwi lokujabula,nikuzwakalise lokhu,nikuphumisele nasemikhawulweni yomhlaba, ngokuthi:“UJehova uhlengile inceku yakhe uJakobe.”
21. Kabomanga lapho ebahola emahlane,wenza ukuba amanzi abagobhozele edwaleni;futhi waliqhekeza idwala,amanzi ampompoza.