U-Isaya 48:1-9 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. “Yizwa lokhu wena ndlu kaJakobeobiziwe ngegama lika-Israyeli,waphuma emanzini akwaJuda,ofunga igama likaJehova,odumisa uNkulunkulu ka-Israyeli,kungengaqiniso nakulunga kodwa.

2. Ngokuba bazibiza ngomuzi ongcwele,bencika kuNkulunkulu ka-Israyeli,nguJehova Sebawoti igama lakhe.

3. Ngimemezele izinto zakuqala zamandulo,zaphuma emlonyeni wami, ngazizwakalisa;ngazenza ngokuzumayo, zenzeka.

4. Ngokuba bengazi ukuthi unenkani,nentamo yakho ingumsipha wensimbi,nebunzi lakho liyithusi,

5. ngazimemezela kwasendulo,ngazizwisa kungakenzeki,funa usho uthi: ‘Isithombe sami sizenzile,isithombe sami esibaziweyo,nesithombe sami esibunjiweyo siziyalezile.’

6. Wawukuzwile konke lokho; wakubona;awuyikukumemezela na?“Ngikuzwisile okusha kusukela namuhla,yebo, nokusithekileyo ongakwazanga.

7. Kudaliwe manje, kungesendulo;awukuzwanga ngaphambi kwalolu suku,funa uthi: ‘Bheka, bengikwazi.’

8. Yebo, awuzwanga, awazanga,kwasendulo indlebe yakho ayivulwanga,ngokuba bengazi ukuthi wawukhohlisa nokukhohlisa,wabizwa ngokuthi umhlubuki kwasekuzalweni.

9. Ngenxa yegama lamingiyakulibazisa intukuthelo yami,ngizibambele wena ngodumo lwamiukuba ngingakunqumi.

U-Isaya 48