U-Isaya 45:5-14 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

5. Mina nginguJehova, akakho omunye;ngaphandle kwami akakho uNkulunkulu;ngiyakubhincisa ungakangazi,

6. ukuze bazi kusukela empumalanga nasentshonalangaukuthi akakho ngaphandle kwami;mina nginguJehova, akakho omunye;

7. yimi engenza ukukhanya nengidala ubumnyama,ngenza ukuthula, ngidala okubi;nginguJehova owenza konke lokho.

8. “Consani, mazulu, phezulu,amafu athuntulule ukulunga;umhlaba mawuvuleke,kuthelwe ukusindiswa,kumile nokulunga;mina Jehova ngikudalile.

9. “Wo kuye olwa noMenzi,udengezi phakathi kwezindengezi zomhlaba!Ibumba liyakusho kolibumbayo ukuthi:‘Wenzani na?’nomsebenzi wakho ukuthi:‘Akanazo izandla,’ na?

10. Wo kuye osho kuyise ukuthi:‘Uzalani na?’nakowesifazane ukuthi:‘Unemihelo ngani na?’

11. “Usho kanje uJehova,oNgcwele ka-Israyeli noMenzi wakhe, uthi:Ningibuza ngezinto ezizayo, ngabantwana bami,ningiyaleze ngomsebenzi wezandla zami, na?

12. Yimi engiwenzile umhlaba,ngadala abantu phezu kwawo;mina ngezandla zami ngeneka izulu,nebandla lalo lonke ngiliyalezile.

13. Mina ngimvusile lona ngokulunga;ngiyakuhlelemba zonke izindlela zakhe;yena uyakuwakha umuzi wami,avumele abathunjwa bami ukuba bahambe,kungabi ngenkokhelo nangesipho,usho uJehova Sebawoti.”

14. Usho kanje uJehova, uthi:“Okukhandlekelweyo kwaseGibithenokuzuziweyo kwaseKushe,nangamaSheba, abantu abade,kuyakungena kuwe,kube ngokwakho;bayakukulandela, bafike beboshwengamaketanga,bakhothamele kuwe, bakhuleke kuwe, bathi:‘UNkulunkulu ukuwe kuphela,akakho omunye,akakho ngaphandle kukaNkulunkulu.’ ”

U-Isaya 45