2. Mina ngiyakuhamba phambi kwakho,ngihlelembe amagebhugebhu,ngaphule izivalo zethusi,nginqume imigoqo yensimbi.
3. Ngiyakukunika ingcebo yobumnyama,nemfuyo ethukusiweyo ezindaweni ezisithekileyo,ukuba wazi ukuthi nginguJehovaokubiza ngegama lakho,uNkulunkulu ka-Israyeli.
4. Ngenxa yenceku yami uJakobe,u-Israyeli okhethiweyo wami,ngikubizile ngegama lakho,ngikunikile igama lodumo, ungakangazi.
5. Mina nginguJehova, akakho omunye;ngaphandle kwami akakho uNkulunkulu;ngiyakubhincisa ungakangazi,
6. ukuze bazi kusukela empumalanga nasentshonalangaukuthi akakho ngaphandle kwami;mina nginguJehova, akakho omunye;
7. yimi engenza ukukhanya nengidala ubumnyama,ngenza ukuthula, ngidala okubi;nginguJehova owenza konke lokho.
8. “Consani, mazulu, phezulu,amafu athuntulule ukulunga;umhlaba mawuvuleke,kuthelwe ukusindiswa,kumile nokulunga;mina Jehova ngikudalile.
9. “Wo kuye olwa noMenzi,udengezi phakathi kwezindengezi zomhlaba!Ibumba liyakusho kolibumbayo ukuthi:‘Wenzani na?’nomsebenzi wakho ukuthi:‘Akanazo izandla,’ na?