16. Bayakujabha, babe namahloni bonkekanyekanye;bayakuhamba benamahloni bonke abenza izithombe.
17. Kepha u-Israyeli uyakusindiswa nguJehovangokusindiswa okuphakade;aniyikujabha, aniyikuba namahlonikuze kube phakade.
18. Ngokuba usho kanje uJehova,owalidala izulu, onguNkulunkulu,owawubumba umhlaba, wawenza,wawumisa, engawudalelanga ize,wawubumba ukuba kuhlalwe kuwo, uthi:“NginguJehova, akakho omunye.
19. Angikhulumanga ekusithekeni,endaweni emnyama emhlabeni;angishongo enzalweni kaJakobe ukuthi:‘Ngifuneni ngeze.’Mina Jehova ngikhuluma ukulunga,ngimemezela okuqotho.
20. “Buthanani nize,nisondelane ndawonyenina bakhululekileyo bezizwe;abawuthwala umuthi wezithombe zabo ezibaziweyo abanakwazi,bakhuleka kunkulunkulu ongenakusindisa.
21. Kumemezeleni, nikuveze;yebo, balulekane kanyekanye.Ngubani owakuzwisa lokhu endulo,wakumemezela kwasesikhathini samandulo na?Akusimina Jehova na?Akakho uNkulunkulu ngaphandle kwami,uNkulunkulu olungileyo noMsindisi,akakho ngaphandle kwami.
22. “Phendukelani kini, nisindiswe,nonke nina majukujuku omhlaba,ngokuba nginguNkulunkulu,akakho omunye.