10. Wo kuye osho kuyise ukuthi:‘Uzalani na?’nakowesifazane ukuthi:‘Unemihelo ngani na?’
11. “Usho kanje uJehova,oNgcwele ka-Israyeli noMenzi wakhe, uthi:Ningibuza ngezinto ezizayo, ngabantwana bami,ningiyaleze ngomsebenzi wezandla zami, na?
12. Yimi engiwenzile umhlaba,ngadala abantu phezu kwawo;mina ngezandla zami ngeneka izulu,nebandla lalo lonke ngiliyalezile.
13. Mina ngimvusile lona ngokulunga;ngiyakuhlelemba zonke izindlela zakhe;yena uyakuwakha umuzi wami,avumele abathunjwa bami ukuba bahambe,kungabi ngenkokhelo nangesipho,usho uJehova Sebawoti.”
14. Usho kanje uJehova, uthi:“Okukhandlekelweyo kwaseGibithenokuzuziweyo kwaseKushe,nangamaSheba, abantu abade,kuyakungena kuwe,kube ngokwakho;bayakukulandela, bafike beboshwengamaketanga,bakhothamele kuwe, bakhuleke kuwe, bathi:‘UNkulunkulu ukuwe kuphela,akakho omunye,akakho ngaphandle kukaNkulunkulu.’ ”
15. Impela unguNkulunkulu ozifihlayo,wena Nkulunkulu, Msindisi.
16. Bayakujabha, babe namahloni bonkekanyekanye;bayakuhamba benamahloni bonke abenza izithombe.
17. Kepha u-Israyeli uyakusindiswa nguJehovangokusindiswa okuphakade;aniyikujabha, aniyikuba namahlonikuze kube phakade.
18. Ngokuba usho kanje uJehova,owalidala izulu, onguNkulunkulu,owawubumba umhlaba, wawenza,wawumisa, engawudalelanga ize,wawubumba ukuba kuhlalwe kuwo, uthi:“NginguJehova, akakho omunye.