1. “Usho kanje uJehova kogcotshiweyo wakhe, kuKoresi,osandla sakhe sokunene ngisibambileukuba ngahlule izizwe phambi kwakhe,ngithukulule izinkalo zamakhosi,ngivule iminyango phambi kwakhe,amasango angabe esavalwa.
2. Mina ngiyakuhamba phambi kwakho,ngihlelembe amagebhugebhu,ngaphule izivalo zethusi,nginqume imigoqo yensimbi.
3. Ngiyakukunika ingcebo yobumnyama,nemfuyo ethukusiweyo ezindaweni ezisithekileyo,ukuba wazi ukuthi nginguJehovaokubiza ngegama lakho,uNkulunkulu ka-Israyeli.
4. Ngenxa yenceku yami uJakobe,u-Israyeli okhethiweyo wami,ngikubizile ngegama lakho,ngikunikile igama lodumo, ungakangazi.
5. Mina nginguJehova, akakho omunye;ngaphandle kwami akakho uNkulunkulu;ngiyakubhincisa ungakangazi,
6. ukuze bazi kusukela empumalanga nasentshonalangaukuthi akakho ngaphandle kwami;mina nginguJehova, akakho omunye;
7. yimi engenza ukukhanya nengidala ubumnyama,ngenza ukuthula, ngidala okubi;nginguJehova owenza konke lokho.
8. “Consani, mazulu, phezulu,amafu athuntulule ukulunga;umhlaba mawuvuleke,kuthelwe ukusindiswa,kumile nokulunga;mina Jehova ngikudalile.
9. “Wo kuye olwa noMenzi,udengezi phakathi kwezindengezi zomhlaba!Ibumba liyakusho kolibumbayo ukuthi:‘Wenzani na?’nomsebenzi wakho ukuthi:‘Akanazo izandla,’ na?
10. Wo kuye osho kuyise ukuthi:‘Uzalani na?’nakowesifazane ukuthi:‘Unemihelo ngani na?’
11. “Usho kanje uJehova,oNgcwele ka-Israyeli noMenzi wakhe, uthi:Ningibuza ngezinto ezizayo, ngabantwana bami,ningiyaleze ngomsebenzi wezandla zami, na?
12. Yimi engiwenzile umhlaba,ngadala abantu phezu kwawo;mina ngezandla zami ngeneka izulu,nebandla lalo lonke ngiliyalezile.