7. Ngubani ongabiza njengami, akumemezele,akubeke phambi kwami,kusukela ekusekeleni kwami abantu basendulo, na?Yebo, okuzayo nokuyakwenzeka mabakumemezele.
8. Ningesabi, ningabi naluvalo;angithi ngikuzwisile kusukela endulo,ngakumemezela, na?Nina ningofakazi bami.Kukhona uNkulunkulu ngaphandle kwami na?Cha, alikho iDwala; angilazi.”
9. Abenza isithombe esibaziweyo bayize bonke;izinto zabo ezithandekayo aziyikusiza;ofakazi babo ababoni, futhi abazi;bayakujabhiswa.
10. Ngubani owenzile uNkulunkulu,ngubani obumbile isithombe esibaziweyoesingesokusiza na?
11. Bheka, bonke abangane bakhe bayakujabha,nezisebenzi zingabantu nje.Mabahlangane bonke, beme;bayakwesaba, bajabhe kanyekanye.
12. Umkhandi wensimbi wenza imbazo,asebenze emalahleni,ayibumbe ngezando,ayisebenze ngamandla ezingalo zakhe;uyalamba, angabikho amandla;akaphuzi amanzi, uyadangala.
13. Umbazi uyelula intambo,adwebe umuthi ngokubomvu,awenze ngezibazo,adwebe ngekompasi,*awenze ngomfanekiso womuntu,ngobuhle bomuntu,ukuba uhlale endlini.