U-Isaya 44:2-11 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

2. Usho kanje uJehova owakudalayo,wakubumba kwasesiwini, oyakukusiza, uthi:Ungesabi, Jakobe, nceku yami,wena Jeshuruni engikukhethileyo.

3. Ngokuba ngiyakuthela amanzi phezu kokomileyo,nezikhukhula phezu kokushileyo,ngithulule uMoya wami phezu kwenzalo yakho,nesibusiso sami phezu kwabantwana bakho;

4. bayakuhluma phakathi kotshaninjengeminyezane ngasemifudlaneni yamanzi.

5. Omunye uyakuthi: ‘NgingokaJehova;’omunye uyakuzibiza ngegama likaJakobe,omunye azilobele uJehova esandleni sakhe,azidumise ngegama lika-Israyeli.”

6. “Usho kanje uJehova,iNkosi ka-Israyeli,noMhlengi wakhe, uJehova Sebawoti, uthi:Ngingowokuqala, ngingowokugcina,ngaphandle kwami akakho uNkulunkulu.

7. Ngubani ongabiza njengami, akumemezele,akubeke phambi kwami,kusukela ekusekeleni kwami abantu basendulo, na?Yebo, okuzayo nokuyakwenzeka mabakumemezele.

8. Ningesabi, ningabi naluvalo;angithi ngikuzwisile kusukela endulo,ngakumemezela, na?Nina ningofakazi bami.Kukhona uNkulunkulu ngaphandle kwami na?Cha, alikho iDwala; angilazi.”

9. Abenza isithombe esibaziweyo bayize bonke;izinto zabo ezithandekayo aziyikusiza;ofakazi babo ababoni, futhi abazi;bayakujabhiswa.

10. Ngubani owenzile uNkulunkulu,ngubani obumbile isithombe esibaziweyoesingesokusiza na?

11. Bheka, bonke abangane bakhe bayakujabha,nezisebenzi zingabantu nje.Mabahlangane bonke, beme;bayakwesaba, bajabhe kanyekanye.

U-Isaya 44