18. Abazi, abaqondi,ngokuba unamekile amehlo abo ukuze bangaboni,nezinhliziyo zabo ukuze bangaqondi.
19. Akakho okhumbulayo,nokwazi nokuqonda akukho kokuba kuthiwe:“Ngishisile inxenye yawo ngomlilo,ngenzile isinkwa phezu kwamalahle awo,ngosile inyama, ngayidla;ngingenza okuseleyo kuwo kube yisinengiso,ngikhothamele umbhuku womuthi,” na?
20. Udla umlotha;inhliziyo ekhohlisiweyo imdukisile;akanakophula umphefumulo wakhe nokuba athi:“Akukho yini amanga kwesokunene sami na?”
21. “Khumbula lezi zinto, Jakobe,wena Israyeli, ngokuba uyinceku yami;ngikubumbile, uyinceku yami;Israyeli, angiyikukhohlwa.
22. Ngesulile iziphambeko zakho njengefu,nezono zakho njengemilaza;buyela kimi, ngokuba ngikuhlengile.”
23. Thokozani, mazulu,ngokuba uJehova ukwenzile,nijabule nina zindawo eziphansi zomhlaba,niqhumuke ngokuhlabelela nina zintaba,nawe hlathi nayo yonke imithi ekuwe,ngokuba uJehova umhlengile uJakobe,ngokuhlabelela wazidumisa ngo-Israyeli.
24. Usho kanje uJehova uMhlengi wakhonowakubumba kwasesiswini, uthi:“NginguJehova owenza konke,oweneka izulu yedwa,nowendlala umhlaba ngokwakhe,
25. oshafisa izibonakaliso zabaprofethi bamanga,enze ababhuli ukuba bahlanye,obuyisela emuva abahlakaniphileyo,enze ukwazi kwabo kube ngubuwula;
26. ogcwalisa izwi lenceku yakhe,afeze ukululekana kwezithunywa zakhe,oshoyo ngalo iJerusalema, athi:‘Liyakuba nabantu,’nangemizi yakwaJuda ukuthi:‘Iyakwakhiwa,ngibuye ngivuse incithakalo yakhona;’
27. oshoyo kuwo umsinga ukuthi:‘Yisha, ngiyakomisa imifula yakho;’