11. Bheka, bonke abangane bakhe bayakujabha,nezisebenzi zingabantu nje.Mabahlangane bonke, beme;bayakwesaba, bajabhe kanyekanye.
12. Umkhandi wensimbi wenza imbazo,asebenze emalahleni,ayibumbe ngezando,ayisebenze ngamandla ezingalo zakhe;uyalamba, angabikho amandla;akaphuzi amanzi, uyadangala.
13. Umbazi uyelula intambo,adwebe umuthi ngokubomvu,awenze ngezibazo,adwebe ngekompasi,*awenze ngomfanekiso womuntu,ngobuhle bomuntu,ukuba uhlale endlini.
14. Uyazigawulela imisedari,*athathe imikhoba nama-oki,*awaqinise phakathi kwemithi yehlathi;uyatshala umfire,* imvula iwukhulise.
15. Bese kuba ngokomuntu ukuba abase ngakho;uthatha kuwo, othe;uyawuphemba, enze isinkwa;wenza unkulunkulu, akhuleke kuye,enze nesithombe esibaziweyo,akhothambele kuso.
16. Ushisa inxenye yawo emlilweni;phezu kwale nxenye uyadla inyama,ose izoso, asuthe;yebo, uyotha athi:“Halala! Sengifudumele,ngibonile umlilo.”
17. Ngokuseleyo kuwo uyakwenza unkulunkulu nesithombe;uyakhothamela kuso, akhuleke kuso,athandaze kuso, athi:“Ngophule; ungunkulunkulu wami.”
18. Abazi, abaqondi,ngokuba unamekile amehlo abo ukuze bangaboni,nezinhliziyo zabo ukuze bangaqondi.
19. Akakho okhumbulayo,nokwazi nokuqonda akukho kokuba kuthiwe:“Ngishisile inxenye yawo ngomlilo,ngenzile isinkwa phezu kwamalahle awo,ngosile inyama, ngayidla;ngingenza okuseleyo kuwo kube yisinengiso,ngikhothamele umbhuku womuthi,” na?
20. Udla umlotha;inhliziyo ekhohlisiweyo imdukisile;akanakophula umphefumulo wakhe nokuba athi:“Akukho yini amanga kwesokunene sami na?”