U-Isaya 43:14-27 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

14. Usho kanje uJehova, uMhlengi wenu,oNgcwele ka-Israyeli, uthi:“Ngenxa yenu ngithumele eBabele,ngiyakwehlisa bonke njengababaleki,namaKaledi ngemikhumbi yokujabula kwawo.

15. NginguJehova oNgcwele wenu,uMdali ka-Israyeli, iNkosi yenu.”

16. Usho kanje uJehova owenza indlela elwandle,nomkhondo emanzini anamandla,

17. okhipha izinqola namahhashi,impi namandla;kuyalala kanyekanye, akusenakuvuka;kucishile, kucinyiwe njengomongo.

18. “Ningakhumbuli izinto zakuqala,ningazindli ngezindaba zasendulo.

19. Bhekani, ngiyakwenza okusha;kuyakuqhamuka manje,angithi niyakwazi na?Yebo, ngiyakwenza indlela ehlanenemifula kwahlongasibi.

20. Izilwane zasendle ziyakungidumisa,amakhanka nezintshe,ngokuba ngiveza amanzi ehlanenemifula kwahlongasibiukuphuzisa abantu bami abakhethiweyo,

21. laba bantu engizenzele bonaukuba bashumayele udumo lwami.

22. “Kepha awungibizanga, Jakobe,ngokuba wadinwa yimi, Israyeli.

23. Awulethanga kimi izimvu zakho zomnikelo wokushiswa,awungidumisanga ngemihlatshelo yakho;angikukhonzisanga ngeminikelo,angikudinisanga ngenhlaka.

24. Awungithengelanga umhlanga othaphukayo ngemali,awungisuthisanga ngamanoni emihlatshelo yakho,kepha ungisebenzisile ngezono zakho,ungidinisile ngobubi bakho.

25. “Mina, mina nginguyeowesula iziphambeko zakho ngenxa yami;angiyikukhumbula izono zakho.

26. Ngikhumbuze, masahlulelane;yisho wena ukuba ulungisiwe.

27. Uyihlo wokuqala wona,abahumushi bakho bangihlubukile.

U-Isaya 43