11. Mina, mina nginguJehova,ngaphandle kwami akakho umsindisi.
12. Ngimemezele, ngisindisile, ngizwisile,kungakabikho unkulunkulu wabezizwe phakathi kwenu;yebo, ningofakazi bami,” usho uJehova,“mina nginguNkulunkulu.
13. Yebo, kwasendulo nginguye;akakho ongophula esandleni sami;lapho ngisebenza,ngubani ongakuvimbela na?”
14. Usho kanje uJehova, uMhlengi wenu,oNgcwele ka-Israyeli, uthi:“Ngenxa yenu ngithumele eBabele,ngiyakwehlisa bonke njengababaleki,namaKaledi ngemikhumbi yokujabula kwawo.
15. NginguJehova oNgcwele wenu,uMdali ka-Israyeli, iNkosi yenu.”
16. Usho kanje uJehova owenza indlela elwandle,nomkhondo emanzini anamandla,
17. okhipha izinqola namahhashi,impi namandla;kuyalala kanyekanye, akusenakuvuka;kucishile, kucinyiwe njengomongo.
18. “Ningakhumbuli izinto zakuqala,ningazindli ngezindaba zasendulo.
19. Bhekani, ngiyakwenza okusha;kuyakuqhamuka manje,angithi niyakwazi na?Yebo, ngiyakwenza indlela ehlanenemifula kwahlongasibi.
20. Izilwane zasendle ziyakungidumisa,amakhanka nezintshe,ngokuba ngiveza amanzi ehlanenemifula kwahlongasibiukuphuzisa abantu bami abakhethiweyo,
21. laba bantu engizenzele bonaukuba bashumayele udumo lwami.