1. Kepha manje usho kanje uJehovaowakudalayo wena Jakobe,nowakubumba wena Israyeli, uthi:“Ungesabi ngokuba ngikuhlengile,ngikubizile ngegama lakho;ungowami.
2. Lapho udabula emanzini,mina nginawe;nasemifuleni, ayiyikukukhukhula;lapho uhamba emlilweni, awuyikusha,nelangabi aliyikukushisa.
3. Ngokuba nginguJehova uNkulunkulu wakho,oNgcwele ka-Israyeli,uMsindisi wakho;ngiyanika iGibithe libe yihlawulo lakho,iKushe neSheba esikhundleni sakho.
4. Ngenxa yokuba ubuyigugu emehlweni ami,futhi ubudumile, uthandekile kimi,ngiyakunika abantu esikhundleni sakho,nezizwe esikhundleni sokuphila kwakho.
5. Ungesabi, ngokuba nginawe;ngiyakuyiletha inzalo yakho iphume empumalanga,ngikubuthe nasentshonalanga.
6. Ngiyakusho kuyo inyakatho,ngithi: ‘Balethe,’nakuyo iningizimu: ‘Ungabagodli.’Lethani amadodana ami akude,namadodakazi amiukuba aphume emikhawulweni yomhlaba,
7. onke abizwe ngegama lami,nengiwadalele inkazimulo yami,engiwabumbile nengiwenzile.”
8. Lethani abantu abayizimpumputhe abanamehlonezithulu ezinezindlebe.
9. Izizwe zonke mazibuthelwe ndawonye,abantu bonke babuthane;ngubani phakathi kwabo ongamemezela lokhu,asizwise izinto zakuqala;mabalethe ofakazi babo ukuba balungisiswe,bezwe, bathi: “Kuyiqiniso.”