U-Isaya 43:1-15 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Kepha manje usho kanje uJehovaowakudalayo wena Jakobe,nowakubumba wena Israyeli, uthi:“Ungesabi ngokuba ngikuhlengile,ngikubizile ngegama lakho;ungowami.

2. Lapho udabula emanzini,mina nginawe;nasemifuleni, ayiyikukukhukhula;lapho uhamba emlilweni, awuyikusha,nelangabi aliyikukushisa.

3. Ngokuba nginguJehova uNkulunkulu wakho,oNgcwele ka-Israyeli,uMsindisi wakho;ngiyanika iGibithe libe yihlawulo lakho,iKushe neSheba esikhundleni sakho.

4. Ngenxa yokuba ubuyigugu emehlweni ami,futhi ubudumile, uthandekile kimi,ngiyakunika abantu esikhundleni sakho,nezizwe esikhundleni sokuphila kwakho.

5. Ungesabi, ngokuba nginawe;ngiyakuyiletha inzalo yakho iphume empumalanga,ngikubuthe nasentshonalanga.

6. Ngiyakusho kuyo inyakatho,ngithi: ‘Balethe,’nakuyo iningizimu: ‘Ungabagodli.’Lethani amadodana ami akude,namadodakazi amiukuba aphume emikhawulweni yomhlaba,

7. onke abizwe ngegama lami,nengiwadalele inkazimulo yami,engiwabumbile nengiwenzile.”

8. Lethani abantu abayizimpumputhe abanamehlonezithulu ezinezindlebe.

9. Izizwe zonke mazibuthelwe ndawonye,abantu bonke babuthane;ngubani phakathi kwabo ongamemezela lokhu,asizwise izinto zakuqala;mabalethe ofakazi babo ukuba balungisiswe,bezwe, bathi: “Kuyiqiniso.”

10. “Ningofakazi bami,” usho uJehova,“nenceku yami engiyikhethileyoukuba nazi, ningethembe,niqonde ukuthi nginguye;ngaphambi kwami akwenziwanga uNkulunkulu,nangasemva kwami akayikuba khona.

11. Mina, mina nginguJehova,ngaphandle kwami akakho umsindisi.

12. Ngimemezele, ngisindisile, ngizwisile,kungakabikho unkulunkulu wabezizwe phakathi kwenu;yebo, ningofakazi bami,” usho uJehova,“mina nginguNkulunkulu.

13. Yebo, kwasendulo nginguye;akakho ongophula esandleni sami;lapho ngisebenza,ngubani ongakuvimbela na?”

14. Usho kanje uJehova, uMhlengi wenu,oNgcwele ka-Israyeli, uthi:“Ngenxa yenu ngithumele eBabele,ngiyakwehlisa bonke njengababaleki,namaKaledi ngemikhumbi yokujabula kwawo.

15. NginguJehova oNgcwele wenu,uMdali ka-Israyeli, iNkosi yenu.”

U-Isaya 43