24. Ngubani owanikela uJakobe ukuba aphangwe,no-Israyeli kubo abaphangi, na?Angithi nguJehova, esonile kuye,nabangavumanga ukuhamba ngezindlela zakhe,nabangawulalelanga umthetho wakhe?
25. Wayesethela phezu kwakhe ukufutheka kwentukuthelo yakhe,namandla empi;kwamvuthela nxazonke,kepha akakwazanga;kwamshisa, kepha akakubekanga enhliziyweni yakhe.