15. Ngiyakwenza ize izintaba namagquma,ngomise yonke imifino yawo,ngenze imifula ibe yiziqhingi,ngenze amachibi ukuba ashe.
16. Ngiyakuhambisa izimpumputhe ngendlela ezingayaziyo;emikhondweni ezingayaziyo ngiyakuzihola;ngiyakwenza ubumnyama bube ngukukhanya phambi kwazo,namagebhugebhu ukuba ahlelenjwe;ngiyakwenza lezi zinto ngingazishiyi.
17. Bayakubuyiselwa emuva,bajabhe nokujabhalabo abethemba ezithombeni ezibaziweyo,abasho ezithombeni ezibunjiweyo ukuthi:‘Ningonkulunkulu bethu.’
18. “Yizwani nina zithulu;bhekani nina zimpumputhe,ukuze nibone.
19. Ngubani oyimpumputhe ngaphandle kwenceku yami,nesithulu njengesithunywa sami engisithumayo, na?Ngubani oyimpumputhe njengopheleleyo,oyimpumputhe njengenceku kaJehova, na?