1. “Bheka inceku yami engiyisekelayo,okhethiweyo wami othokoza ngayeumphefumulo wami;nginikele umoya wami phezu kwakhe,uyakukhiphela izizwe ukwahlulela.
2. Akayikukhala, adazuluke,angezwakalisi izwi lakhe ezitaladini.
3. Umhlanga ofecekileyo akayikuwaphula,umongo othunqayo akayikuwucima;uyakukhipha ukwahlulela ngeqiniso.
4. Akayikudangala, aphele amandla,aze amise ukwahlulela emhlabeni;neziqhingi ziyakuhlalela umthetho wakhe.”
5. Usho kanje uNkulunkulu uJehovaowadala izulu, waleneka,nowawendlala umhlaba nokuvela kuwo,nowanika abantu abakuwo ukuphefumulanomoya kwabahamba kuwo, uthi:
6. “Mina Jehova ngikubizile ngokulunga,ngiyakubamba isandla sakho, ngikugcine,ngikubeke ube yisivumelwano sabantunokukhanya kwabezizwe,
7. ukuze uvule amehlo ezimpumputhe,ukhiphe iziboshwa etilongweninabahlezi ebumnyameni etilongweni.
8. “NginguJehova; yilo igama lami;angiyikunika omunye inkazimulo yami,nezithombe ezibaziweyo udumo lwami.
9. Izinto zakuqala zifikile,sengimemezela izinto ezintsha;zingakaqhamuki, ngiyanizwisa zona.”
10. Mhubeleni uJehova ihubo elisha,nodumo lwakhe,kusukela emikhawulweni yomhlaba,nina enehlela elwandle nakho konke okukulo,nina ziqhingi nabakhileyo kuzo.
11. Ihlane nemizi yalo makujabulenemizana abakhileyo kuyo abakwaKedari,bahube abakhile emadwaleni,benanele beseziqongweni zezintaba.
12. Mabanike uJehova udumo,bamemezele udumo lwakhe eziqhingini.