U-Isaya 41:5-15 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

5. Iziqhingi ziyakubona, ziyesaba;imikhawulo yomhlaba iyathuthumela;isondele, isifikile.

6. Yilowo nalowo usiza umakhelwane wakhe;uthi komfowabo: “Yiba nesibindi.”

7. Umbazi uqunga umkhandi isibindi,nololonga ngesando uqunga oshaya isikhandelo isibindi,ethi ngokunamathelisa: “Kuhle,”ekubethela ngezipikili,funa kunyakaziswe.

8. “Kepha wena Israyeli, nceku yami,wena Jakobe engikukhethileyo,nzalo ka-Abrahama othandiweyo wami,

9. wena engikuthathile emikhawulweni yomhlaba,ngakubiza emagumbini awo,ngathi kuwe:‘Wena uyinceku yami,’ngikukhethile, angikulahlanga;

10. ungesabi, ngokuba mina nginawe;ungapheli amandla,ngokuba mina nginguNkulunkulu wakho;ngiyakuqinisa, futhi ngiyakusiza,yebo, ngiyakusekela ngesandla sokunene sokulunga kwami.

11. “Bheka, bonke abafuthekela wenabayakuba namahloni, bajabhe;abamelene nawe bayakuba njengento engelutho,babhubhe.

12. Uyakubafuna, ungabafumani kodwa,labo bantu abaxabana nawe;abalwa nawe bayakuba njengento engelutho nanjengeze.

13. Ngokuba yimina Jehova uNkulunkulu wakhoobamba isandla sakho sokunene,nothi kuwe: Ungesabi,mina ngiyakusiza.

14. Ungesabi wena mpethu, Jakobe,nani bantu bakwa-Israyeli;mina ngiyakukusiza,” usho uJehova;uMhlengi wakho ungoNgcwele ka-Israyeli.

15. “Bheka, ngiyakukwenza ukuba ube yisibhuloesisha esibukhali esinamazinyo;uyakubhula izintaba, uzicolisise,wenze amagquma abe njengamakhoba.

U-Isaya 41