U-Isaya 41:23-29 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

23. Sitsheleni okuzayo ngesikhathi esizayo,sazi ukuthi ningonkulunkulu;yebo, yenzani okuhle noma okubi,simangale, sikubone kanyekanye.

24. Bhekani, nivela kokungekho,nemisebenzi yenu ayiyinto yalutho;uyisinengiso onikhethileyo.

25. “Ukhona engimvusile esenyakatho,wafika, nasempumalanga,ukuba abize igama lami;uyakwehlela phezu kwezikhulu njengaphezu kodaka,njengombumbi exova ibumba.

26. Ngubani owakushoyo kwasekuqaleni ukuba sazi,nangaphambili ukuba sisho sithi: ‘Uqinisile,’ na?Cha, akakho okumemezileyo,akakho nokuzwisileyo,akakho nozwayo amazwi enu.

27. Ngingowokuqala othi kulo iSiyoni:‘Bheka, babheke,’nginike iJerusalema umbiki wendaba ethokozisayo.

28. Kepha lapho ngibheka,akukho muntu,akakho phakathi kwabo umlulekiongaphendula ngazwi,lapho ngibabuzayo.

29. Bheka, bayize bonke;imisebenzi yabo ayiyinto yalutho,nezithombe zabo ezibunjiweyo zingumoya nokuyize.

U-Isaya 41