18. Ngiyakuvula imifula emadulini angenaluthonemithombo phakathi kwezigodi;ngiyakwenza ihlane libe yichibi lamanzi,nomhlabathi owomileyo ube yiziphethu zamanzi.
19. Ngiyakutshala umsedari* ehlane,umtholo, nombomvana, nomnqumo,ngibeke kwahlongasibi umsayipuresi,*nomthidari,* nomkhoba kanyekanye,
20. ukuze babone, bazi,baqaphele, baqonde kanyekanyeukuthi isandla sikaJehova sikwenzile lokhunokuthi oNgcwele ka-Israyeli wakudala.
21. “Lethani indaba yenu,” usho uJehova,“nisondeze izizathu zenu,” isho iNkosi kaJakobe.
22. “Mabazisondeze,basitshele okuyakwenzeka;izinto zakuqala ziyini na?Mabasitshele zonaukuba sizibeke ezinhliziyweni zethu,sazi ukuphela kwazo,noma nisizwise okuzayo.
23. Sitsheleni okuzayo ngesikhathi esizayo,sazi ukuthi ningonkulunkulu;yebo, yenzani okuhle noma okubi,simangale, sikubone kanyekanye.
24. Bhekani, nivela kokungekho,nemisebenzi yenu ayiyinto yalutho;uyisinengiso onikhethileyo.
25. “Ukhona engimvusile esenyakatho,wafika, nasempumalanga,ukuba abize igama lami;uyakwehlela phezu kwezikhulu njengaphezu kodaka,njengombumbi exova ibumba.
26. Ngubani owakushoyo kwasekuqaleni ukuba sazi,nangaphambili ukuba sisho sithi: ‘Uqinisile,’ na?Cha, akakho okumemezileyo,akakho nokuzwisileyo,akakho nozwayo amazwi enu.
27. Ngingowokuqala othi kulo iSiyoni:‘Bheka, babheke,’nginike iJerusalema umbiki wendaba ethokozisayo.