11. “Bheka, bonke abafuthekela wenabayakuba namahloni, bajabhe;abamelene nawe bayakuba njengento engelutho,babhubhe.
12. Uyakubafuna, ungabafumani kodwa,labo bantu abaxabana nawe;abalwa nawe bayakuba njengento engelutho nanjengeze.
13. Ngokuba yimina Jehova uNkulunkulu wakhoobamba isandla sakho sokunene,nothi kuwe: Ungesabi,mina ngiyakusiza.
14. Ungesabi wena mpethu, Jakobe,nani bantu bakwa-Israyeli;mina ngiyakukusiza,” usho uJehova;uMhlengi wakho ungoNgcwele ka-Israyeli.
15. “Bheka, ngiyakukwenza ukuba ube yisibhuloesisha esibukhali esinamazinyo;uyakubhula izintaba, uzicolisise,wenze amagquma abe njengamakhoba.
16. Uyakuwahlakaza, umoya uwasuse,isivunguvungu siwachithe;wena uyakuthokoza ngoJehova,uzibonge ngoNgcwele ka-Israyeli.
17. “Abampofu nabaswelayo bafuna amanzi, kepha awakho,nolimi lwabo luphele ukoma;mina Jehova ngiyakubaphendula,mina Nkulunkulu ka-Israyeli angiyikubashiya.
18. Ngiyakuvula imifula emadulini angenaluthonemithombo phakathi kwezigodi;ngiyakwenza ihlane libe yichibi lamanzi,nomhlabathi owomileyo ube yiziphethu zamanzi.
19. Ngiyakutshala umsedari* ehlane,umtholo, nombomvana, nomnqumo,ngibeke kwahlongasibi umsayipuresi,*nomthidari,* nomkhoba kanyekanye,
20. ukuze babone, bazi,baqaphele, baqonde kanyekanyeukuthi isandla sikaJehova sikwenzile lokhunokuthi oNgcwele ka-Israyeli wakudala.
21. “Lethani indaba yenu,” usho uJehova,“nisondeze izizathu zenu,” isho iNkosi kaJakobe.
22. “Mabazisondeze,basitshele okuyakwenzeka;izinto zakuqala ziyini na?Mabasitshele zonaukuba sizibeke ezinhliziyweni zethu,sazi ukuphela kwazo,noma nisizwise okuzayo.
23. Sitsheleni okuzayo ngesikhathi esizayo,sazi ukuthi ningonkulunkulu;yebo, yenzani okuhle noma okubi,simangale, sikubone kanyekanye.
24. Bhekani, nivela kokungekho,nemisebenzi yenu ayiyinto yalutho;uyisinengiso onikhethileyo.