U-Isaya 41:10-17 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

10. ungesabi, ngokuba mina nginawe;ungapheli amandla,ngokuba mina nginguNkulunkulu wakho;ngiyakuqinisa, futhi ngiyakusiza,yebo, ngiyakusekela ngesandla sokunene sokulunga kwami.

11. “Bheka, bonke abafuthekela wenabayakuba namahloni, bajabhe;abamelene nawe bayakuba njengento engelutho,babhubhe.

12. Uyakubafuna, ungabafumani kodwa,labo bantu abaxabana nawe;abalwa nawe bayakuba njengento engelutho nanjengeze.

13. Ngokuba yimina Jehova uNkulunkulu wakhoobamba isandla sakho sokunene,nothi kuwe: Ungesabi,mina ngiyakusiza.

14. Ungesabi wena mpethu, Jakobe,nani bantu bakwa-Israyeli;mina ngiyakukusiza,” usho uJehova;uMhlengi wakho ungoNgcwele ka-Israyeli.

15. “Bheka, ngiyakukwenza ukuba ube yisibhuloesisha esibukhali esinamazinyo;uyakubhula izintaba, uzicolisise,wenze amagquma abe njengamakhoba.

16. Uyakuwahlakaza, umoya uwasuse,isivunguvungu siwachithe;wena uyakuthokoza ngoJehova,uzibonge ngoNgcwele ka-Israyeli.

17. “Abampofu nabaswelayo bafuna amanzi, kepha awakho,nolimi lwabo luphele ukoma;mina Jehova ngiyakubaphendula,mina Nkulunkulu ka-Israyeli angiyikubashiya.

U-Isaya 41