U-Isaya 40:25-31 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

25. “Niyakungifanisanobani ukuba ngifane naye?”usho oNgcwele.

26. Phakamiselani amehlo enu phezulu, nibone.Ngubani odalile lezo zinto na?Nguye okhipha ibandla lazo ngezibalo,abize zonke ngamagama;ngobuningi bamandla akhenangobukhulu bezikhwepha zakheayisilali neyodwa.

27. Usholoni wena Jakobe,ukhulumelani wena Israyeli, ukuthi:“Indlela yami isithekile kuJehova,ilungelo lami lidlulile kuNkulunkulu wami,” na?

28. Awazi yini? Awuzwanga na?UJehova unguNkulunkulu ongunaphakade;udalile imikhawulo yomhlaba;akapheli amandla, akakhathali,nokuqonda kwakhe akunakuphenywa.

29. Nguye omupha oyethileyo amandla,nakongenamandla uyandisa izikhwepha.

30. Izinsizwa ziyaphela amandla,zikhathale,nabasha bawa nokuwa,

31. kepha abamethembayo uJehovabayathola amandla amasha,bayakhuphuka ngamaphiko njengezinkozi,bagijime bengakhathali,bahambe bengapheli amandla.

U-Isaya 40